Ukulahlekelwa obungakuzuza kwisehlukaniso kuchaza ukuthi phakathi kwalaba ababili abashadile oyedwa usuke ephoqwe inkantolo ukuthi alahlekelwe inzuzo yakhe kwisehlukaniso kungaba ingxenye noma yikho konke abengase akuzuze.Ngaphambi kokuba iDivorce South African Act yenziwe kabusha lendlela yayenziwa ngenxa yomuntu okuyena yena ongenzanga kahle kulaba abashadile noma okungalungile.Esikhathini samanje,ukwenza okungalungile emshadweni yikho okwenza inkantolo ibhekisise iphutha elenziwe kuma ithatha isinqumo.Okunye inkantolo ekubhekisisayo ukuthi besenihlale isikhathi esingakanani emshadweni,kanye nokuthi nokuthi kuyini imbangela edale ukuthi kuze kufikwe esinqumweni sesehlukaniso.

Ekufanele ukwazi

Umuntu oshadile kumele afake isicelo enkantolo sokulahlekelwa inzuzo,kufanele lokhu akwenze singakaphumi isinqumo sesehlukaniso ukuthi kugcina kanjani.Lomuntu okuyena yena ofake isicelo sokulahlekelwa inzuzo kuzofanele alethe ubufakazi obugcwele obubonakalayo obushoyo ukuthi kungani kufanele lomunye abeshadene naye kufanele alahlekelwe inzuzo kwisehlukaniso futhi kungani kufanele ayithole yonke inzuzo.Uma lomunye umuntu okuyena yena ofakelwe lesicelo enecala ngempela libonakala, uzolahlekelwa ingxenye yezinto abengazithola noma okungaphezulu (inkantolo eyophuma nesinqumo ukuthi ulahlekelwa kangakanani).

Umshado ongene noma ongangenanga nayona yonkinto ebiza igamalakho

Abanye bayathanda ukwenza iphutha bacabange ukuthi ukulahlekelwa inzuzo kusebenza kulabo abangena nakhokonke okubiza igamalabo emshadweni.Kanti cha,kusebenza kuwowonke umuntu nongangenanga nento yonke ebiza igamalakhe.Ukulahlekelwa inzuzo kusebenza ndawozonke makukhona onecala elibonakalayo elidale ukuthi umshado uphele.

Singabammeli abatholakala endaweni yase Ballito,eNtshonalanga yeningizimu yeThenku sizimisele ukukusiza kwezemithetho.Sithinte uma udinga abantu abazokusiza kwezemithetho abaseduze,abazinikelayo futhi ongabethemba.