Wake walimala esitimeleni esiphethwe uMasipala? Noma lapho ekulindwa khona isitimela sakwaMasipala? Kungabe umuntu okuyena yena obeka isinkwa etafuleni wake wabulawa ingozi esondelene nezitimela zakwaMasipala? Uma uzokwazi ukuletha ubufakazi bokubulawa noma bokulimala esitimeleni ngenxa yokunganakekeleki ngenxa yomsebenzi wasesitimeleni sakwaMasipala noma umshayeli wesitimela,uzokwazi ukuthola isinxephezelo esiphuma kwa Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) ezihlangene nabagibeli besitimela.

Ungayithola kanjani:
Uma uzohamba uye ePRASA uyofaka isicelo sesinxephezelo enkantolo encane ungasizwa nawu mmeli uma ufisa ukuthola imali encane engango R15 000.Uma ufisa ukuthola isinxephezelo semali ethe ukubankulu,uzodinga ummeli ozokusiza aphinde akumele kukho konke ekufanele nikwenze.Asikho isdingo sokuthi ukhokhele ummeli kuqala.Uma kwenzeka isicelo sesinxephezelo sakho siphumelela,indlela yokukhokhela ummeli kuzolandelwa ngencwadi ekufanele umkhokhele ngayo naye akazikhetheli ukuthi ufuna isamba esingakanani.

Uma unesfiso sokuthi ukhokheleke kahle,kubalulekile ukuthi uhambe uhlanganise ubufakazi obugcwele obungaphikiseki ukuthi ukulimala kwakho kwaba iphutha lomsebenzi wasesitimeleni sakwaMasipala noma umshayeli wesitimela sakwaMasipala.Ummeli wakho uzokusiza ukuhlanganisa bonke ubufakazi obungase budingeke bese kuba yibo obuhambisayo,Kungaba incwadi yobufakazi owazibonela kwenzeka,isithome sakumabonakude noma izithombe nokunye nokunye.Kungadingeka nencwadi yasesibhedlela efakazela ukuthi walimala ngempela futhi kuhlangene nalokhu odinga isinxephezelo sakho.

Khumbula,kuzofanele ufake isinxephezelo kwa PRASA kusanesikhathi esingangezinyanga eziyisithupha (6) ingozi yenzekile.Uma ususifakile isicelo sesinxephezelo kuzoqalwa kukhulunywe indaba yesicelo sakho.Bangakunika imali ngaphandle kokuthi uze uye enkantolo kuyokhulunywa indaba yesinxephezelo sakho,kukuwena ukuthi uyasivuma yini lesosinxephezelo noma cha,uma usiphika uzoya enkantolo kube ummangaleli ophuma nesinqumo ngesinxephezelo sakho ukuthi uzothola malini,uma iPRASA izokukhokhela.

Singabammeli abatholakala endaweni yase Ballito,eNtshonalanga yeningizimu yeThenku sizimisele ukukusiza kwezemithetho.Sithinte uma udinga abantu abazokusiza kwezemithetho abaseduze,abazinikelayo futhi ongabethemba.