Umuntu ofaka isicelo sesinxephezelo angasifaka uma kukuthi ulimale okujwayelekile okufaka ukuphathwa izinhlungu ngenxa kanye nokuthi isimo sakho sidlulele phambili uma buvele uwumuntu obengaphilile vele kodwa sekudalwe ingozi yemoto.
Ezingozini ezenzeka mhla ziyi-1 ku Ncwaba ( August) ngonyaka ka 2008 angakwazi ukufaka isicelo sesinxephezelo sokulimala uma ukulimala kwakhe lowomuntu kuyinto ebonakalayo futhi engaphikiseki.
Imithetho yabezemigwaqo kwa (RAF) babeka imigomo nemibandela ekufanele ilandelwe ukuthola ukuthi lomuntu ofake isinxephezelo ukulimala kwakhe kuyimpoqo ngaleyondlela yini ukuthi kufanele akhokhelwe.
Ukulimala kwalowo ofake isicelo sesinxephezelo akubonakali ukulimala kwakhe kuyinto enkulu ngaleyondlela uma ukulimala kwakhe kungadlulile emazingeni awu 30 noma ngaphezulu ngokwama phesenti emzimbeni wakhe uwonke,njengoba kuchaziwe kwi American Medical Associates (AMA) kwimiyalelo yakhona.
Uma ukulimala kwalowo ofake isicelo sesinxephezelo kungaphansi kwawu-30 ngamazinga amaphesenti kungenzeka asithole isinxephezelo sokulimala uma ukulimala kwakhe kubonakala futhi kusobala futhi uma nencwadi ephuma esibhedlela isho lokho.
Incwadi ephuma esibhedlela isebenza uma:
-Lowo owalimala kukhona ingxenye yomzimba engasebenzi
-Uma kukhona indlela akhubazeka ngayo unomphela engeke esasizakala
-Uma esehanjelwe umqondo isikhathi eside noma umqondo ubuye uhambe
-Noma umuntu obekhulelwe walahlekelwa ingane ingakazalwa isaseswini.
Singabammeli abatholakala endaweni yase Ballito,eNtshonalanga yeningizimu yeThenku sizimisele ukukusiza kwezemithetho.Sithinte uma udinga abantu abazokusiza kwezemithetho abaseduze,abazinikelayo futhi ongabethemba.
Recent Comments