Uma abazali bengane bengasashadile noma bengasathandani,bobabili abazali kufanele kube ukuthi bayayinakekela ingane nokuthi ikhuliseka kahle yini,kakhulu uma kuziwa kwezezimali.

Bobabili abazali kufanele kube ukuthi bayafaka imali ekuthenini ingane yabo inakekeleke futhi zonke izidingo zayo zifezeke.

Ngemigomo yemthetho,yonke ingane kufanele ithole imali yesondlo ebhekile,ukuze izokwazi ukuthi ithole izingubo,ihlale endlini enemfudumalo,ibonane nabamazinyo bayibheke ukuthi kusahamba kahle yini,abezempilo,ezemfundo,ukuqeqesheka kanye nalapho nalapho ekufanele isizakale khona.

Imali yesondlo kufanele ikhokhwe kanjani

Imali yesondlo ivame ukukhokhwa ku mzali okuyena yena ohlala nengane inyanga nenyanga.

Imali ekhokhwayo kuvame ukuthi inyuke minyaka yonke,ukunyukwa kwayo imali kuya ngokuvumelana kwabazali noma noma kube inkantolo ethatha isinqumo.

Okufakwayo kwisondlo

Imali yesondlo kufanele isetshenziswe ngendlela yokuthi izidingo zengane usuku nosuku zimi noma zihamba kanjani,kanye nalokho okuyikho okubiza isamba esithe ukuba sikhulu kungaba okuhlangene nokwezempilo kanye nezemfundo(lokhu kungahlanganisa ukugadwa sekudlule isikhathi sesikole,izinto zesikole zokufunda,nezimfanelo zesikole nokunye nokunye).

Isondlo nokuxhumana nengane

Njengomzali,ngisho kungathiwa awuxhumani ngqo nengane yakho,kufanelekile ukuthi usikhokhe isondlo njengomzali.Uzophoqeleka ukuthi ukhokhe imali yesondlo ngisho kungathiwa umzali walenye ingane uyashada noma sekukhona umuntu athandana naye,usenezinye izingane,noma akavumi ukuthi uxhumane nomntwana wakho.

Uma uhluleka ukukhokha imali yesondlo

Uma umzali ehluleka ukukhokha imali yesondlo lomunye umzali angakwazi ukubikela inkantolo ngalokho bese ephatha lezincwadi ngokulandelana zokukhulula:
1.Incwadi emdudulayo eduze kwengane.
2.Incwadi engamvumeli eduze kwengane ngesenzo sakhe;
Umzali angakwazi nokuyomubopha umzali emaphoyiseni afike avule icala lokuthi lomunye akasondli.

Uma ingane isingena ezingeni lokukhula

Uma ingane yakho ifika eminyakeni eyishumi nayisishagalombili (18) kusuke sekulele kuyena ukuthi azikhulumele ukuthi udinga imali yesondlo engakanani.Uma ingane izisebenzela ikwazi ukuzinakekela ngemali eyiholayo asikho isidingo sokuthi ifake isicelo sesondlo kubazali.