Share

Okubhekwayo Kwisehlukaniso

Okubhekwayo Kwisehlukaniso

Okwezemithetho,ezemali,kanye ezomoya kwisehlukaniso kuyinkinga.Kuhle ukuzihlelela konke okungenzeka kwisehlukaniso ingakho siqale into esiyibiza ngokuthi syakubhekisisa kanye nommeli wakho uma usukulungele ukwenza isehlukaniso emshadweni wakho.

Ukulandela umthetho kanye nokuhlukanisa yonkinto ebeninayo emshadweni ikona okuvame ukuthi kube inkinga kwisehlukaniso.Ngenhlanhla,abammeli bethu bakhona ukunciphisa umthwalo emahlombe akho wengcindezi yezemithetho kanye nezemali ngokwenza isehlukaniso esizokujabulisa.
Ungasiza ukungamoshi isikhathi ngokuthi uhlanganise wonke amaphepha angase adingeke awezemali kanye nezemithetho ngaphambi kokuba uhlangane nabammeli bethu.Ukwenza lokhu kwenza ukuthi umsebenzi ubelula kuba mmeli bethu ukuthi basheshe babone okubalulekile nokuyinkinga makuziwa ezintweni eninazo kanye nokunye.Okubalulekile kakhulu,kusivimela ukuthi sisebenzisane ukuvikela izidingo ngqangi zakho.Okubhekisiswayo okungezansi kuzokunika umqondo ukuthi yini engase ikhulunywe kanye namaphepha abalulekile angase afunwe ngalesikhathi kukhulunywa okwesehlukaniso osicelayo.

Okubhekwayo kwisehlukaniso makuhlangene nezingane
-Isondlo sengane
-Amalungelo omzali kanye nekufanele akwenze njengomzali ezinganeni
-Ukunakekelwa,ukugadwa kanye nendawo ezihlala kuyo
-Ukuxhumana nezingane
-Ukuvakashela ogogo no mkhulu
-Ukunakekelwa ngokwezempilo okukhokhelwa nyanga zonke
-Izimali ezingase zidingeke uma bengenakho ukukhokhelwa nyanga zonke
-Ezemfundo
-Ukuthola izimali enibabekele zona mhla ningasekho

Izinkinga zezinto okungezenu nobabili
-Izimali
-Umuzi
-Okusendlini kokuhlobisa indlu(Fenisha)
-Izimali zamabhizinisi
-Izindawo ezisemthethweni ezisemagameni enu
-Izitifiketi enifunde ngazo
-Imali yomhlala phans noma imali yempesheni
-Izimoto
-Izimoto ebenisanda kuyithenga esakhokhelwa
-Izindawo zokuhlala ezisemagameni enu
-Izimali enizibekile
-Izinto enisazikhokhela
-Izimali enizifihlile
-Kanye nokunye enicabanga ukuthi akubalulekile

Isondlo sobushade naye
-Uphoqiwe ukuthi umeseke
-Ngamalini?
-Isikhathi esingakanani?
-Ukuqhubeka umnakekele kwezempilo

Ezinye izinkinga
-Ukubekwa isandla
-Ukufakelwa icala lokuvikeleka
-Ukuhlukumeza izingane
-Ukuntshontsha izingane uwumzali
-Ukubuyela esibongweni sakho esidala
-Ukukhokhela abammeli

Amaphepha ekufanele uwalungise abalulekile
-Amaphepha entela awakho kanye anihlanganisa nobabili iminyaka emithathu kuya kwemihlanu
-Ubufakazi bemali oyiholayo
-Imali eholwa obushade naye
-Incwadi evumelana nokuthi yini eningena nayo emshadweni
-Izincwadi zasebhange eziveza ukuthi ninamalini
-Imininingwane yemali yomhlalaphansi,eyempesheni kanye nenihlanganisayo
-Imali eniyigcinile
-Ibhuku enithenga ngalo okwebhizinisi
-Ibhuku lezinto enizithengayo kwibhizinisi
-Ukutshelekwa kwezemali
-Izincwadi zentela zendlu
-Izincwadi zasebhange eziveza ukuthi nisebenzisa kanjani imali
-Izincwadi zokutshelekwa kwemali
-Izincwadi zezikweletu
-Ezinye izikweletu (imali yeskole,yezempilo,okwezingane kokuzivocavoca nokunye)
-Amaphepha enihlela kuwo okwenyanga
-Izikweletu esezikhokhiwe
-Izincwadi zokuqashwa
-Ongakuzuza
-Izindawo enikhokha kuzo ukuzivikela kokuningi kwempilo
-Izindawo enikhokha kuzo ukuzivikela kokuningi ngokugula
-Umuntu ophethe ikhaya imali ayikhokhayo ukuvikela indlu
-Izimoto ezikhokhelwayo ukuvikeleka
-Ukubiza kwezinto ozithengele zona
-Ukubiza kwezinto zasendlini
-Izinto zakho ezibiza igamalakho(kuhlanganisa okuhlobise endlini,ubucwebe,izithombe,ikhompuyutha,okwalapho osebenzela khona,izingubo kanye nokokumbatha nokunye)
-Okubiza igama ngamunye emshadweni
-Okwatholakala njengesipho noma okuyifa sekushadiwe
-Ilapho abafaka khona izinto zabo ezibalukile
-Amafa
-Amafa nisaphila
-Amandla Abammeli

Njengoba ubona,konke lokhu okungaphezulu kungabonakala njengento eyinkinga kodwa, akukhathazi.Zonke izehlukaniso azifani njengoba bonke abashadikazi bengena emshadweni futhi bephuma ngezizathu ezahlukene futhi nezinto ezingafani.Ukuqinisekisa ukuthi akukho okudlulwa kungabhekisiswanga,kulungile ukuthi ukhulume nathi lonke iqiniso njengabameli bakho okuhlanganisa konke okwezimali kanye nezinto ezinihlanganisa kwisehlukaniso.Izinto ezihlanganiswayo kwisehlukaniso ziningi futhi zisobala.Uma udinga ulwazi olunye ngesehlukaniso ungasabi ukusithinta emahhovisi ethu ukuze uzothola ukusizakala.Singabammeli besehlukaniso sitholakala endaweni yase Ballito,eNtshonalanga yeTheku futhi sizimisele ukukusiza makuziwa ezintweni zemithetho.

Share post:

Leave A Comment

Your email is safe with us.

Open chat
G GROBBELAAR INC
Hello 👋
How can we help you?